jehovah nkulukulu wami ngizisondeza phambi kwebuso bakho ngigucile ngamadolo ngibheke phansi ngizifihla ubuso bami nje ngiswabile nkosi ngiswabiswa imisebendzi yezandla zethu ngiswabiswa ububi izandla zethu esibendza mihla yonke namhlanje nkos'yami yasemazulwini ngigucile ngyakuthandaza ngiyacela baba ngivumele ngikhulume nomuntu ngivumele somandla ngikhulume nesidalwa sakho namhlanje ngenze umbhuli wesandla ohh ungangenzi umahluleli nkos'yami ngenze umbhuli wesandla baba ungiphe amehlo omoya ohh mfowethu bheka isandla sakho namhlanje sivule usbhekisise ubone ukungcola nokuswabisa kwaso izolo lokhu besakha ngenhlonipho nothando olumangalisayo lapho sibambe khona sibamba kucine siduduza futhi sijabulisa ukufudumala kwaso kulalisa ngisho nosana oluncane namhlanje abazali bethu balele emathuneni ngenca yezandla zethu amakhaya ezihlobo nabangani avalwe ngamahlathi ngenca yezandla zethu isandla sala umuntu asithandaza aguce ngamadolo asincenga athi yooo!!! ungangibulali kodwa sona isandla sochubeka sihlabe kuchitheke igazi sala ngisho ingane encane imemeza ngezwane ithi uyangilimaza kodwa sona sochubeka sihlabe kuchitheke igazi isandla syakubhambhatha sikufudumeze, uzwe imizwa yomzimba igijima sibuye sikwenzele ukudla sikufakele ushevu, ufe uphele wonke umndeni. namhlanje izandla zethu sishiye ishoshwa zashiya neyintandane imizi eminingi ikhala ibhungane ngenca yezandla zethu. ngabe kwenzenjani ngezandla zethu. mzalwane wami bheka izandla zakho, usbhekisise. ngabe izandla zeciniso na! ngabe izandla zakho izandla zenyembezi na! ngabe izandla segazi na! ngabe siyakha nome siyabhidliza na!. uthi u davide indodana ka nkulukulu oh ngyacela nkosi ngiwele ezandleni zakho, ngingaweli ezandleni zomuntu, ngoba izandla zomuntu syasabeka nkosi. sidinga uncedo, sidinga insindiso baba. oh! bawo hawukela izandla zethu. faka uzwelo ezandleni zomuntu ngegama lenkosi yethu ujesu krestu ngicela uthando ezandleni zomuntu faka inhlonipho ezandleni zomuntu oh! nkos'yami asikuthumi baba syakucela nkosi, nceda izandla zethu. ngegama lenkosi yethu jesu krestu, baba syakuthandaza, sincede baba. amen.